UMzimkhulu Youth in Business

NEWS ROOM:

ONGAWAZI UMZIMKHULU ,USAZOWAZI

“Enye yezinkinga ezinkulu esibhekene nazo eyokungabikho kwezindawo zokugqugquzela abantu abasha kulendawo yaseMzimkhulu kwazise Umzimkhulu yindawo yamakhono. Amaciko wethu (Jika -MaJika ,nezinye zikaqeda isizungu ) akanayo indawo yokuzilolonga.
Ngaphansi kohlelo lwe Public Private Partnership (PPP) sizoqala ukukhangisa ,sinxenxe abatshali zimali ukuthi bafake izimali ekwakhiweni kwama Youth Centre awu 8 kulendawo yaseMzimkhulu. Izinhlelo zokuthi kukhangiswe ,ngo January ,seziyaphothulwa kwazise bakhona abatshali zimali abayidlanzana esekukudala bengqongqoza.
Lama Youth Centre azokwakhiwa eRiverside ,Ntsikeni ,Gownlea , Rietvlei, Ibisi, Gugwini ,Clydesdale nase drobheni. iYouth Centre izoba nendawo eyiholo lomphakathi, amaHovisi lapho kuzosebenzela izinhlaka zomphakathi (Youth Council ,Sport Council ,Ward Committee ,njalo njalo). Kuzobe kukhona ama combo courts wezemidlalo.” kubeka iSikhwishi-Khwishi sentuthukho ,iMeya yaloMasipala ,Ohloniphekile uCllr Jabulile Msiya.
Kunabakhandi bezimoto ,abakhandela emigaqeni nakuma pavement nama parking kulendawo yaseMzimkhulu,ngakho iMeya iphinde yaveza ukuthi ubuholi baloMasipala buphatheke kabi ngaloludaba. Okubuhlungu ukuthi lama Bread Winners aphoqeleka ukuthi angasebenzi noma ancathame ngaphasi kwezihlahla uma lina izulu. Okunye ukuthi lokukhandwa kwezimoto ngalendlela kulimaza amasondo wezimoto zabantu kuphinde kuthunaze nesithunzi sedolobha.
Lomholi onohlonze uphinde wadalula ukuthi ngaphansi kwe PPP , kuzokwakhiwa iLight Industrial Park (isakahiwo esikhulu) lapho bonke labakhandi bezimoto emgaqeni bezotholaka khona bangabisabikhona emigaqeni ukuze kubuye isithunzi sabo. Indawo seyahlonzwa kanti nocwaningo olujulile seluqediwe ,ama design neBusiness Plan nakho sekuphelele kulinde abatshali-zimali. Izingxoxo ne Esayidi Tvet Umzimkhulu Campus seziqola ukuze labakhandi bacijisekeke abakhono kwazihle lomkhakha usuqalwa kule campus njengoba isakhiwo sokucijisa sesaqedwa.
Abaqondisi baloMasipala bethule imibiko yezinga eselihanjiwe ekuletheni intuthuko kulendawo yaseMzimkhulu nezincomo ukuze kuthathwe izinqumo ezinqala zokucijela unyaka ozayo. Abahambele lomhlangano ,okufaka abaHoli Bendabuko ,wonke amaKhansela nabasebenzi baloMkhandlu baphinde bathola ithuba lokuphawula kabanzi ekucijiseni iziphakamiso nomhlahlandlela.
Kuqopheke umlando lomhlangano ophela namuhla uphuma ngojwaca izolo zibambene ngobuciko nangokukhalipha kwamasu ukuze Umzimkhulu uthathe indawo yawo. Namuhla kuzofika imiNyango kaHulumeni esebenzela eMzimkhulu,izochaza izinhlelo zayo zonyaka ozayo.
SABASE MZIMKHULU ,NJE….!!!