NEWS ROOM:
ARRIVE ALIVE AZOPHELA AMAHLATHI ,KUZOGQILAZEKA IZEPHULA-MTHETHO.
Ngokuholwa yiMeya yaloMasipala ,Ohloniphekile uCllr. Jabulile Msiya , sekuthengwe ingqophamlando yomshini wokubhekana nezaphula-mthetho zomgaqo.
uSihlalo weKimidi lika Community & Social Services ,uCllr. Sindisiwe Sofunani ehambisana namaKhansela waleliKomidi Nebambela Mqondisi waloMnyango uNkszn. Nokuthula Nduku kanye nabasebenzi baloMnyango wethule ngokusemthethweni umshini wesimanje – manje wokuhlola izimoto emgwaqweni, owaziwa nge-Electronic Roadblock kumaphoyisa omgwaqo kaMasipala. Lokhu kuyingxenye yemizamo kamasipala yokuqinisa ukugcinwa kwemithetho yomgwaqo, ukulawula ukuhamba kwezimoto kanye nokuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzisi bomgwaqo. uMnu. Thami Ngubo ,uphethe uMnyango wamaPhoyisa womgaqo kuloMasipala uthole isikhathi sokuchaza kabanzi ngalomshini.
Lo mshini ufakwe ubuchwepheshe besimanje uzosiza amaphoyisa omgwaqo ukwenza umsebenzi wawo ngendlela esheshayo nelula. Uqukethe amakhamera, ama screen azokhombisa indawo ezungeze umshini, ukuze amaphoyisa akwazi ukubona okwenzekayo ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso wokuhlola izimoto emgwaqweni.
Lo mshini ubuye ube nobuchwepheshe obukwazi ukufunda izinombolo zamapuleti ezimoto (Automatic Number Plate Recognition), obusiza amaphoyisa ukuhlola ukuthi imoto inazo yini izinhlawulo zomgwaqo ezingakakhokhwa. Uphinde ube nomshini okwazi uku scanner
izincwadi zokushayela ukuze kuhlolwe ukuthi umshayeli unezinhlawulo zomgwaqo ezingakakhokhwa yini. Lobu buchwepheshe buzokwenza kube lula futhi kusheshe ukuhlola izimoto kanye nabashayeli ngesikhathi somsebenzi wamaphoyisa omgwaqo.
Ukuze lo mshini ukwazi ukusebenza ngendlela efanele, ufakwe i-generator ekhiqiza ugesi, imisakazo yokuxhumana phakathi kwamaphoyisa kanye namathoshi azosiza ngesikhathi kwenziwa umsebenzi ezindaweni ezingakhanyi kahle. Kuzophinde kubekwe isinciphisi sejubane emgwaqweni(speed hump), ebangeni elingamamitha amathathu ukusuka lapho kumi khona umshini, ukuze kusizwe ekwehliseni isivinini sezimoto ezisondela endaweni yokuhlola.
Wonke amaphoyisa omgwaqo kaMasipala waseMzimkhulu aseqeqeshiwe ngokusetshenziswa kwalo mshini kanye nobuchwepheshe obufakwe kuwo. Uhlelo lokwethulwa kwalo mshini luphele ngokunikezwa kwamaphoyisa izitifiketi ezikhombisa ukuthi aqeqeshiwe futhi ayakwazi ukuwusebenzisa.
uMasipala Wendawo yaseMzimkhulu uyaqhubeka nokuthatha izinyathelo zokuqinisa ukugcinwa kwemithetho yomgwaqo, ukugqugquzela ukuphepha emigwaqweni kanye nokuvikela bonke abasebenzisi bomgwaqo emphakathini.
MEC for KZN Transport & Human Settlements Mr. Siboniso Duma
KZN Department of Transport
#doingitforyou
