TOURISM FESTIVAL

NEWS ROOM:

ISISHAYA MTHETHO SAKWAZULU NATAL BESIHAMBELE EMZIMKHULU UKUXOXA NGEZEMIGAQO.

IKomiti leZokuthutha kwiSishayamthetho saKwaZulu-Natal belibambe umhlangano wokuxoxisana nababambiqhaza eCouncil Chamber kuMasipala waseMzimkhulu ukuze kubhekwe izinselelo ezithinta ingqalasizinda yemigwaqo kanye namaphrojekthi angakaqedwa endaweni.

Phakathi kwezinto ezibalulekile okuxoxwe ngazo kube ukwakhiwa kweBhuloho laseCabane River, eliyingxenye ebalulekile yokuthuthukisa ukuxhumana nokuletha ukufinyelela okuphephile emakhaya nokuthembekile emphakathini ozungezile.Leli bhulorho liyingxenye yokuphuculwa komgwaqo i-P749. Kulindeleke ukuthi liphucule ukuhamba kwabantu, lixhase uqoqosho endaweni bese liqinise ukuhanjiswa kwentuthuko.

Kuphinde kwaphakanyiswa udaba lomgwaqo odlula eMaChunwini, osuneminyaka walimala kungakaze kwaqokwa muntu. Kutholakale ukuthi kusalindwe isinqumo esivela ku KZN Department of Transport ngaphansi kuka MEC for KZN Transport & Human Settlements Mr. Siboniso Duma mayelana nokuqokwa komuntu.

Kulomhlanga bekukhona uSomlomo Cllr. Gugu Mavuma (uSihlalo weCouncil) ,uSitswebhu Cllr. Xolani Tshazi (obhekene nokuziphatha kwamaKhansela ) amaKhansela ,amaKhosi nezinye izinhlaka ezinohlonze. Ephawula kulomhlangano, iMeya yaloMasipala uCllr. Jabulile Msiya ugcizelele ukubaluleka kokugcina umgwaqo u-R56 usesimweni esihle, wachaza kabanzi indlela obalulekile ngayo ekuxhumaniseni umphakathi nedolobha nokwehlisa izingozi zendlela. Isimo semigaqo uma usuwele ibridge uma uvela eCreighton ,edilika eAntioch ,igqobhe eRiverside iyodundubala kaSontangane kwelaseNtsikeni ukhambe njalo ukuyoxhumana nalowaya ovela eFranklin kanti nalona oqhubekayo ukusuka eLourdes uma usudundubale uMankofu ayisanga kulezingxoxo kwazise iKwaZulu-Natal Legislature kade ikhathazekile ngokungaqhubeki kwalemigaqo ngokwesithembiso.

IsiShayamthetho saKwaZulu Natal siye sazibophezela ekulisukumeleni loludaba bese wazisa umphakathi.

#doingitforyou