Intermodal Transport Facility

NEWS ROOM:

KWETHULWE OSONKONTILEKA OZOKWAKHA IMIGWAQO KWA JAMES NASE KOKI

 

Ohloniphekile Cllr. Jabulile Msiya, iMeya yaloMasipala, uhole ukwethulwa ukwethulwa ngokusemthethweni koSonkontileka abazokwakha imigwaqo yaseKoki nakwa James. Le mihlangano yokunikezelwa kwemisebenzi iqinisekisa ukuqala kwamaphrojekthi amabili okuthuthukiswa kwengqalasizinda, okuhlose ukwenza imigwaqo ifinyeleleke kalula, ukuxhumanisa imiphakathi nezinsiza ezibalulekile kanye nokudala amathuba emisebenzi kubantu bendawo.

Umhlangano wokuqala wokunikezelwa komsebenzi ububanjelwe eZwelibanzi School, eKokshill, lapho inkampani iMahlubi Transport and Plant Hire iqokwe khona ukuthi yakhe umgwaqo ongamakhilomitha angu-5.5 ubude. Lo msebenzi ulindeleke ukuthi uqedwe zingakapheli izinyanga eziyisithupha.

Ngesikhathi somhlangano, iMeya ichaze ukuthi lo mgwaqo uzokwenza kube lula ukufinyelela emakhaya abantu futhi usebenze njengomgwaqo oxhumanisa izindawo ezahlukene, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe ukuxhumana phakathi kwemiphakathi. Lo mgwaqo uzophinde wenze kube lula ukufinyelela emathuneni omphakathi, emasontweni, ezikoleni zamabanga aphansi nakwezinye izikhungo zomphakathi. Lokhu kuzosiza izakhamuzi ukuba zifinyelele kalula ezinsizeni ezibalulekile futhi zibambe iqhaza emisebenzini eyahlukene yomphakathi.

IMeya iphinde yagcizelela ukubaluleka kokudala amathuba emisebenzi nokuthuthukisa amakhono abantu bendawo ngalo msebenzi. Kuhloswe ngokuqashwa kwabasebenzi okungenani abangama-25 ngesikhathi kwakhiwa lo mgwaqo, kanti kuzonikwa abantu bendawo amathuba okuqashwa.

Ngemva kokuphothulwa komhlangano wokunikezelwa komsebenzi waseKokshill, iMeya nethimba layo lidlulele emphakathini waseJames e-Ibisi, lapho kuqhubeke khona umhlangano wokunikezelwa komsebenzi wokwakhiwa komgwaqo wakwaJames. Inkampani iMahlubi Transport and Plant Hire iphinde yaqokwa ukuba yenze lo msebenzi, ozohlanganisa umgwaqo ongamakhilomitha angu-5.5 ubude futhi okulindeleke ukuthi uphothulwe zingakapheli izinyanga eziyisithupha. Njengasemsebenzini waseKokshill, iphrojekthi yomgwaqo waseJames ihlose ukuqasha abasebenzi bendawo okungenani abangama-25, kugxilwe ekuqashweni kwabantu abavela emphakathini ozungezile.

La maphrojekthi amabili ayingxenye yemizamo eqhubekayo yoMasipala Wendawo waseMzimkhulu yokuthuthukisa ingqalasizinda, ukwenza imigwaqo ifinyeleleke kalula kanye nokuthuthukisa izimo zenhlalo nezomnotho emiphakathini. Ngokwakhiwa kwemigwaqo, umasipala uhlose ukuqinisa ukuxhumana phakathi kwemiphakathi nezikhungo ezibalulekile, kuyilapho udala namathuba okuthi izakhamuzi zibe yingxenye yemisebenzi yentuthuko ezindaweni zazo.

#doingitforyou!!