Intermodal Transport Facility

NEWS ROOM:

IBE YIMPUMELELO I-MAYORAL BREAKFAST MEETING NE- HARRY GWALA NETBALL CHAMPS 2026

Kube yisikhathi senjabulo nokuziqhenya ngesikhathi kuhalaliselwa iqembu lamantombazane leHarry Gwala District Under-19 ngokunqoba kwalo kumaTelkom Netball Tournaments ka-2026 abebanjelwe eBoksburg, eGauteng, lapho belimele khona i Harry Gwala District Municipality

Lolu hlelo luhlelwe nguMnu. Nkonyane ngaphansi koMnyango Wezinhlelo Ezikhethekile (Special Programmes) kuMasipala waseMzimkhulu. Leli qembu liholwa ngumqeqeshi uBhebhetho, esizwa ngabaqeqeshi abasizi uNhlanhla Vaphi, uNkk. Mngxathi kanye noMnu. Ndzimande. Abadlali baleli qembu, elaliholwa uCaptain Snegugu Gamede, bahlanganisa uEsethu Mbhele, uFifi Silwanyana, uKwanele Latha, uAnele Madiya, uChuma Yomelela Mkhize, uAsiphe Manyaba, uTina Muda ,uBuhle Sondzaba nabanye

UMnu. Vuyo Rhadebe woMnyango Wezemidlalo, Ezobuciko NamaSiko udlulise amazwi okuhalalisela nokweseka iqembu. Uthe le mpumelelo iyisibonelo esihle sokuzikhandla, ukuzimisela nokubambisana, futhi iyaziqhakambisa kakhulu iHarry Gwala District. Ubuye wabonga isiFunda ngokukhuthaza leli qembu ukuqashelwa nokuleseka, wathi ukunqoba kwalo kufakazela ukuthi intsha enekhono ingafeza okukhulu uma ithola ukwesekwa okufanele.

Uveze ukuthi inhloso enkulu yalolu hlelo ukuthuthukisa amathalente entsha nokudala amathuba okuthi laba badlali bagcine bemele isifundazwe, iNingizimu Afrika, baze badlale nasemiqhudelwaneni yamazwe ngamazwe efana neNdebe yoMhlaba. Uphinde wanxusa umphakathi, abazali kanye nabo bonke ababambiqhaza ukuthi baqhubeke nokweseka intsha kwezemidlalo, njengoba ukwesekwa kwabo kunegalelo elikhulu ekufezeni amaphupho ayo.

IPhini leMeya yoMasipala waseMzimkhulu, uCllr. Bhekamahlongwa Lukakayi, lihalalisele iqembu leHarry Gwala District Under-19 ngokunqoba kwalo kumaTelkom Netball Tournaments ka-2026. Uthe le mpumelelo iphakamisa igama leHarry Gwala District futhi ifakazela ukuthi ukusebenza kanzima, ukuzimisela nokubambisana kuhlala kuveza imiphumela emihle.

Njengomhleli walomcimbi uMnu. Nkosinathi Nkonyane ubonge abaqeqeshi baleli qembu nabo bonke ababambe iqhaza ekulilolongeni, ekuliholeni nasekulisekeleni kwaze kwaba yimpumelelo yalo. Uthe ukuzinikela kwabo kudlale indima enkulu ekuthuthukiseni amathalente entsha nasekwakheni ikusasa eliqhakazile kwezemidlalo. Uphethe ngokufisela iqembu impumelelo eqhubekayo emiqhudelwaneni ezayo nokuthi liqhubeke nokuletha udumo eHarry Gwala District, eKwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika.

Department of Women, Youth and Persons with Disabilities
SportandRecreation Kzn
Sport Arts Culture

#doingitforyou