NEWS ROOM:
UGESI UQINISE EZOKUPHEPHA KU R56
Ngenxa yemibiko ebikade ingena njalo yokulinyazwa kwabantu ebusuku,izingozi zendlela nobunye ubugebengu obukade kwanda ngesivinini kulomgaqo ogqobha edrobheni uma uqamuka ePietermaritzburg noma eKokstad (R56) ,iMeya yaloMasipala Ohloniphekile uCllr. Jabulile Mzizi ukuqinisekisile ukuthi uyafakwa ugesi kulomgaqo.
Ukuqakambisa ukuphepha kwabantu baseMzimkhulu ,izivakashi nalabo abadlulayo lomsebenzi ubukeka uyimpumelelo njengoba sekukhanya ukusukela edrobheni ukuyofika eClydesdale Township. Lomsebenzi awukapheli kodwa sowuya ngasemaphethelweni.
Ukweneza ezokuphepha sekafakwa nama flood light endaweni yaseBoarder naseSisulu Townships kodwa okuphatha lomholi kambi ukuthi izinyoka-nyoka zidicilela phansi lomsebenzi kodwa okuthokizisayo ukuthi ezakwaSidlondlo zigijima nalo loludaba sekuzivela maduzane nje .
Lemisebenzi udle uHulumeni izigidi ezidlulile ku 10…..asiphepheni !!
