NEWS ROOM:
PUBLIC HEARING and ANNUAL REPORT ENGAGEMENT ..
Ubuholi boMasipala wasMzimkhulu Local Municipality, obuholwa yiMeya yaloMasipala Ohloniphekile uCllr. Jabulile Msiya, kunye noSomlomo woMkhandlu uCllr. Gugulethu S. Mavuma, babambe intlanganiso yokulalelwa umbiko wezimali wonyaka (Annual Report )waloMasipala cimbini obuseClydesdale Community Hall. Lomcimbi kade uhanjelwe amaKhansela wonke ,amaWard Committee nezinhlaka zaloMasipal.
ukuze bathethe noluntu malunga noMbiko Wonyaka (Annual report) ka-2024/2025. Lomhlangano unike abahlali isikhathi sokuthola kabanzi ngezimali zalomasipala bese bezibuzela lapho bengaqondi khona . Ukuzwa ngemisebenzi eseyenziwe uMasipala kunyaka-mali odlulile nokucobelana ngemibono ekulethweni kwentuthuko kulendawo yaMzimkhulu.
Kulomhlangano iMeya ichaze ngokujulile ukuthi noma unyaka ka-2030 ungabonakala ukude, kodwa unyaka ngamunye wezimali usondeza uMasipala ekufezekiseni iizinhloso zawo. Lo Masipala uyaqhubeka ekuphokopheleni ukutshiso isimo saseMzimkhulu ngokuchazela umphakathi (accountability) ,ukusebenza ngendlela esobala (transparency ) nokuziphatha kahle, ukuze intuthuko izemawala. Ngemuva kokubonga indlela osomabhizinisi bakulendawo ngeqhaza abalibambile emnothweni wakulendawo,lo mholi onohlonze uqhubekile nokuchaza kabanci izinhlelo zokuthuthukisa osomabhizini abancane (SMMEs).
Enye yengqala-sizinda ebalulekile akhulume ngayo iMeya yaloMasipala ukuqedezelwa kwe Umzimkhulu Value Mall, elindeleke ukuthi ilethe amathuba amatsha kwezamabhizinisi nokukhulisa amathuba wemisebenzi nomnotho wakule ndawo. Xa sele igqityiwe, le projekthi kulindeleke ukuba ivule amathuna wemisebenzi engaphezulu kuka100 bese ixhasa oosomashishini bendawo.
Ukuqinisekisa ukuthi ama- project ayenziwa ngendlela efanele, umasipala uqinisekise ukuwahambela ngenhloso yokuhlola izinga eselihanjiwe(project monitoring). Lokhu kusiza loMasipala ukuthi imali kaHulumeni ayihambi namanzi nanokuthi umphakathi uyingxenye kanti nokugwema izingqinamba kusanesikhathi.
uSomlomo waloMasipala uCllr. Gugulethu Mavuma ubonge amaKhansela ngokubamba iqhaza elikhulu ekuxhumaneni nomphakathi ekubambeni iqhaza ezinhlelweni zikaMasiplaa.
#DoingItForYou
#PublicParticipation
#CommunityEngagement
#ServiceDelivery
#LocalDevelopment
#BuildingUmzimkhulu
