UMzimkhulu Youth in Business

NEWS ROOM:

UMASIPALA WASE-MZIMKHULU UQHUBEKILE NOKUHLOLWA KWAMABHIZINISI

Ngokuholwa yiMeya, Ohloniphekile uCllr. Jabulile Msiya, loMasipala waseMzimkhulu ngokubambisana ne Harry Gwala District Municipality iqhubekile nokuhlolwa kwamaBhizinisi wakulendawo.

Lo msebenzi kade ugxile ekuhloleni amabhizinisi endawo ukuqinisekisa ukuthi ayayilandela imithetho kamasipala kanye nemithetho yezempilo.

Amabhizinisi atholwe engahambisani nemithetho anikezwe izexwayiso eziqinile, kanti amanye abhekene nokuvalwa ngokushesha. Kugcizelelwe kakhulu kumabhizinisi asebenza ezindaweni ezingafanele noma ezingagunyazisiwe nalawo angahlangabezani nemithetho yezempilo nokuphepha.

Lo mkhankaso uza ngesikhathi lapho eNingizimu Afrika kukhona ukukhathazeka okukhulayo ngamabhizinisi asebenza ngaphandle kwemibhalo efanele, ikakhulukazi amanye amabhizinisi aphethwe abokufika. Kwezinye izindawo, lokhu kuholele ukuthi abagqugquzeli baphakamise ukuvalwa kwalawomabhizinisi angahambisani nemithetho, kanye nemibhikisho yomphakathi (marches) efuna ukuqinisekiswa kokuthi imithetho iyalandelwa futhi iyagcinwa.

Ngalezi zizathu, uMasipala ugcizelele ukuthi wonke amabhizinisi, akukhathaliseki ukuthi awabobani, kumele ahloniphe imthetho ebekiwe. Kukhishwe isexwayiso sokugcina (ultimatum) kubo bonke abangahambisani nemithetho ukuthi balungise ukusebenza kwabo ngesikhathi esinqunyiwe. Ukwehluleka ukuhlonipha lemithetho noma izexwayiso kuzoholela ezinyathelweni eziqinile, okubandakanya ukuvalwa kwamabhizinisi.

UMasipala wase-Mzimkhulu uzibophezele ekuqinisekiseni indawo ephephile, esemthethweni nenobulungiswa yokusebenza kwamabhizinisi.

#doingitforyou