Intermodal Transport Facility

NEWS ROOM:

OPEN COUNCIL MEETING eSisonke Community Hall (Ward 10)

Ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umphakathi uqonda kabanzi ngokusebenza kweCouncil uMasipala wase Mzimkhulu oholwa Ohloniphekile uCllr. Jabulile Msiya ubambe umhlangano kubantu.uSomlomo waloMasipala owuSihlalo weCouncil ,uCllr. Gugulethu Mavuma uqinisekile ukuhlala ngempumelelo kweOpen Council Meeting eSisonke Community Hall (Ward 10). Lo mhlangano, obuvuleleke kumphakathi kade ugcwalise iholo yomphakathi phama. Inhloso ngqange yaloMasipala ukwethulwa kombiko wezimali lapho kuchazwa kabanzi ngemali esetshenzisiwe nesabelo sezimali zaloMasipala.

Bekukhona amaKhansela wonke waloMasipala ,abaqondisi yaloMasipala ,imiNyango kaHulumeni nezinye izinhlaka. Ngokukhethekile bekukhona iSekela- Meya loMasipala weSifunda Harry Gwala District Municipality uCllr Jojozi namaKhosi waseMzimkhuli.

Evula lomcimbi, uSomlomo, uCllr. Gugulethu Mavuma, uzwakalise ukubonga okukhulu kumphakathi ngokupha ngobuningi bawo. LomHoli uphinde wabonga waphinde wancoma amaKhansela waloMasipala ngokusebenza ngokuzikhandla. uBhongweni uphinde wagcizelela ukuthi ukhalo lokuletha intuthuko kuloMasipala luselude noma kukuningi osekwenziwe ekushintsheni impilo zabantu waseMzimkhulu.Ephetha inkulumo yakhe, uSomlomo ugqugquzele umphakathi ukuthi uqinisekise ukuthi uyabhalisela ukuvota ukuze basebenzise amalungelo wabo wentando yeningi lokuvota.

Umdlandla omkhulu waleli langa ufike ngenkathi iMeya yaloMasipala Ohloniphekileyo uCllr Jabulile Msiya, ethula ngokusemthethweni iMedium-Term Revenue and Expenditure Framework (MTREF) yalonyaka wezimali we-2026/2027 kanye neminyaka emibili elandelayo (2026/2027 to 2028/2029) . Oka Msiya ubonise ukuthi i-budget yokugcina iyahambisana ngokugcwele nemithetho kaMasipala.

Enkulumweni yayo iMeya yethule umbiko wesimo sengqalasizinda nobunjiniyela (Infrastructure and Engineering core status report) wephrojekthi ze-Municipal Infrastructure Grant (MIG) zonyaka we-2025/2026. Umbiko ukhombise intuthuko enkulu emawadini ahlukene ,veze ukuthi uMasipala uphothule ngempumelelo izinhlelo ezibalulekile zengqalasizinda, ekubalwa i-Mambulwini Access Road (Ward 09), Madakeni Access Road (Ward 20), Ndawana Community Hall (Ward 01), Gwijendlini Community Hall (Ward 05), Noziyingili Gravel Access Road (Ward 03) nezinye izinhlelo eziningi.

Ukwakhiwa kusaqhubeka kwezinye izinhlelo ezinkulu zengqalasizinda, kuhlanganise ne-Mbumbane-Masamini Access Road (Ward 12), i-Ward 22 Sportsfield eKhiliva, kanye ne-Ward 07 Community Hall KwaMaduna Village. Kulawo phroject asakemuva kwesikhathi kufaka i-St Paul Access Road (Ward 06), kanye ne-Nguse – Zindongeni Access Road (Ward 07)— uMnyango wezengqalasizinda lubheka ngeso elibukhali intuthuko ukuqinisekisa ukuthi izinto zizofika kumphakathi.

Kulandela ukwethulwa koMbiko weKomidi eliPhezulu (Executive Committee Report), umhlangano udlulele esigabeni esikhethekile sezingxoxo nendlela eya phambili, okuvulele amakhansela ukuthi aphawule.

Uhlobo oluvulelekile lwalolu hlelo luqinisekise ukuthi abahlali base-Ward 10 nomphakathi wonke waseMzimkhulu bashiye iSisonke Community Hall benokuqonda okusobala kokuthi izinsiza zikaMasipala zizoqhubeka kanjani nokusetshenziswa ukwenza ngcono izimpilo zabo zansuku zonke.

Ekupheleni, uSomlomo u-Cllr Gugulethu Mavuma ubonge wonke umuntu ngeqhaza labo eliqhubekayo ekuthuthukisweni kwalesi sifunda, ephinda eqinisekisa ukuthi umasipala uhlala uzibophezele ezithembisweni zawo sokusebenza kubahlali baso.

#DoingItForYou